Akusibo abokufika abathumba izingane - Isikhulu

2017-05-30 16:01

Durban - Abafundi baKwaZulu-Natal abebebhikisha ngoLwesibili bemelene nokuthunjwa kwezingane bathole imininingwane engesilo iqiniso, kusho isikhulu sikahulumeni.

"Akusilo iqiniso ukuthi abantu bokufika abathumba izingane. Akusiyo iminingwane esinayo leyo," kusho uSimphiwe Mbhele onguMqondisi woMnyango wezokuPhepha koMphakathi nokuXhumana KwaZulu-Natal.

Ngokusho kukaMbhele, imininingwane engamampunge isabalale ezinkundleni zokuxhumana kwaholela ekutheni kube nodlame endaweni.

OLUNYE UDABA: VIDEO: Izinkulungwane zezingane zibhikisha KwaMashu

UMbhele ubekhuluma embhikishweni obuKwaMashu lapho abafundi basezikoleni ezahlukene bebebuthene ndawonye bemasha kuleli lokishi.

Umbhikisho uphele ngokuthula ngemuva kokuhlakazwa kwenqwaba yabafundi ngaphandle kwenxanxathela yezitolo iBridge City.

"Izigebengu ezigila lo mkhuba hhayi abantu bokufika. Kufanele sikulingise lokhu. Akukwazi ukuthi izingane zethu zingagcwala imigwaqo kanje zingayi ezikoleni," kusho uMbhele.

UMbhele uthe uhulumeni usengenelile kulolu daba.

Lokhu kulandela ukubheduka kodlame oluphethe ngokuthi kuhlaselwe abokufika ngoMsombuluko ebusuku KwaMashu.

Amaphoyisa abengakabophi muntu.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.