Johannesburg - Uphiko lwentsha lwe-ANC eThekwini lucele uMengameli Jacob Zuma ukuba axoshe uNgqongqoshe weziMali uPravin Gordhan‚ ngezinsolo zokwehluleka ukwenza izinguquko kwiSouth African Airways (SAA) ebhekene nezinkinga.
Lolu phiko luphinde lwahamba emazwini e-ANC Women’s League okuba kuphenywe ngesandla semfene esifuna ukuphazamisa izinhlelo zokwenziwa kwezinguquko kwi-SAA.
Okufunwa yi-ANCYL ne-ANCWL kungase kujabulise uSihlalo webhodi le-SAA, uDudu Myeni‚ owathi luseqhulwini kuyena udaba lokwenziwa kwezinguquko kwa-SAA.
OLUNYE UDABA: Kuboshwe umakhwapheni ngokweba ingane nemoto yesoka
Watshela iCity Press ngoNovemba ukuthi ukubona kubalulekile ukuba kwenziwe izinguquko, wathi ufuna kakhulu ukubona abantu besifazane nabaphila nokukhubazeka kwi-SAA.
UMyeni uphinde wabuyiselwa esikhundleni sakhe njengosihlalo webhodi ngo-2016, kubika iSowetanLive.