'Akuyena uNkulunkulu owagcwalisa ngokweqile itekisi eyabulala19 eKZN'

2017-08-27 13:46

Johannesburg - Angase athweswe amacala okubulala umshayeli wetekisi eyabulala abantu abangu-19 KwaZulu-Natal.

UNgqongqoshe wezokuThutha eKZN uMxolisi Kaunda utshele izinkumbi zabantu emngcwabeni ngoMgqibelo ukuthi akwanele ukuthweswa amacala okubulala ngokungenhloso.

Uthe umshayeli wetekisi wayazi kahle ukuthi ligcwele ngokweqile futhi alikulungele ukuba semgwaqeni, ngakho-ke kumele athweswe icala lokubulala.

“Kubeyintando kaNkulunkulu ukuba laba bantu bashone, kodwa akuyena uNkulunkulu oqede amabhuleki. Akuyena uNkulunkulu ogcwalise ngokweqile itekisi. Kuzomele sishintshe indlela esicabanga ngayo emgwaqeni,” esho.

OLUNYE UDABA: Kulungele ukuholwa nawe uma ufuna ukuba ngumholi: Dlamini-Zuma

Izinkulungwane zabantu zithamele inkonzo yomngcwabo wezisulu zengozi ezingu-19, ezashona ngesikhathi kugingqika itekisi eyayithwele abazalwane ababeya emcimbiko wokwembulwa kwetshe eMsunduzi Bridge nngaseNagle Dam, KwaXimba.

Kuthiwa itekisi yayigcwele ngokweqile futhi yaphelelwa amabhuleki.

Amaphoyisa akuqinisekisile ukuthi umshayeli wetekisi ugadiwe esibhedlela, kanti uzothweswa amacala angu-19 okubulala ngokungenhloso nokushayela budedengu.

- Sowetan Live

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.