Alaziwa ishibhi ‘elalivakashelwa’ yisikhulu sakwa-Eskom endaweni yamaGupta

2016-11-04 14:30

Johannesburg – Sekuqubuke imibuzo ngendawo yokucima ukoma iCEO yakwa-Eskom, uBrian Molefe, athe kungenzeka ukuthi wayehlale eya kuyona ngenkathi ephendula imibuzo ngezinsolo zokuthi wayengapheli emzini womndeni oyiziqumama, nosolwa ngokulawula umbuso, abakwaGupta.

Lokhu kulandela umbiko obubhekwe ngabomvu woMvikeli woMphakathi osephumile, uThuli Madonsela,  mayelana nezinsolo zokuthi lo mndeni ongabangani noMengameli Jacob Zuma, ubambe ngobhongwane umbuso okuhlanganisa nokuziqokela oNgqongqoshe kanye nezinye izikhulu zikahulumeni ezikhundleni.

Ubufakazi obuqukethwe kulo mbiko bukhombisa ukuthi uMolefe kanye no-Ajay Gupta, okunguyena omdala kumadodana akwaGupta, bafonelana izikhathi ezingu-58 phakathi kwa- Agasti 2015 kuya kuMashi 2016. 

OLUNYE UDABA: AbakwaGupta baqulisa uNgqongqoshe ‘ngokuvukela’ uZuma

Amarekhodi efoni aqukethwe kulo mbiko akhombisa ukuthi uMolefe kuphakathi kokuthi wayeseduze nendawo yamaGupta, eSaxonwold, eJohannesburg, okukanye wayekhona qobo emzini wamaGupta. Lokhu kwenzeka izikhathi ezingu-19 phakathi kwamhlaka-5 ku-Agasti kuya kumhlaka-17 Novemba kunyaka ka-2015.

NgoLwesine uMolefe ukhale mi izinyembezi ngenkathi ephika lezi zinsolo, ehlaba nalo mbiko.

Ngokwakhe uMolefe, ukuba seSaxonwold ukusho ukuthi wayesemzini wamaGupta, wathi futhi kuneshibhi kule ndawo, noma engeke avume noma aphike ukuthi wayeye eshibhini.

Kodwa-ke lokhu kuyashayisana nalokhu okushiwo nguSihlalo weSaxonwold and Parkwood Residents Association, uTessa Turvey, otshele iNews24 ukuthi uyazi yonke imigwaqo yakule ndawo, futhi ukuba likhona ubengeke angazi.

Uthi uma likhona kusho ukuthi alivulelekile emphakathini nokuthi alibonakali uma usemgwaqeni.

“Singabonga uma uMnumzane Molefe engasitshela ikheli laleli shibi ngoba uma likhona kumele ukuba alikho emthethweni ngakho kumele livalwe,” kusho uTurvey.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.