Alikaboshwa iphoyisa eladala ingozi 'liphuze utshwala'

2018-02-27 16:01

Kenilworth - Amaphoyisa athi iphoyisa elisolwa ngokudla amanzi amponjwana ngokweqile eleqa irobhothi libomvu layoshayisa imoto yonogada benkampani yakwaSniper, belingakaboshwa.

URidwaan Mathews wenkampani iSniper uthe wabizelwa endaweni yesigameko ngemuva kwezithuba zabo-06:00 ekuseni ngeSonto lapho afike abona khona iphoyisa lesilisa, ligqoke umfaniswano wamaphoyisa liphethe nesibhamu somsebenzi liphuthunyiswa esibhedlela iKingsbury liyokwelashwa.

Leli phoyisa belisebenzela esiteshini samaphoyisa ase-Ocean View.

OLUNYE UDABA:Liphike icala iphoyisa elibhekene nelokuzama ukubulala

UMathews uthe imoto yenkampani yayiwela irobhothi liseluhlaza ngesikhathi ishayiswa yiveni lamaphgoyisa ngemuva kokushaya irobhothi.

Kusolwa ukuthi leli phoyisa lahluleka ukulawula imoto yayoshayisa irobhothi kwacisha wonke amarobhothi ngaphambi kokuyoshayisa uthango eKenilworth Centre.

Kuzwakale ukuthi iphoyisa lalingekho esimweni esikahle linuka utshwala. Kwabe sekumiswa iphoyisa lesifazane elalidlula ngasendaweni yesigameko okuyilo elahlolwa unogada wakwaSniper ukuthi ngabe udle amponjwana na, kwatholakala ukuthi kakunjalo.

Kwabe sekuyohlolwa iphoyisa esibhedlela iKingsbury kwatholakala ukuthi beliphuze utshwala.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain FC van Wyk, uthe icala belingakabikwa.

"Amaphoyisa aseClaremont aqinisekisa ukuthi ayesendaweni yesigameko, kodwa isigameko senzeka endaweni yaseWynberg.

"Kwavulwa icala lokushayela ngaphansi kwengcindezi yotshwala esiteshini samaphoyisa aseWyneberg," kusho uVna Wyk.



Daily Voice

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.