Alikaboshwa iphoyisa elisolwa ngokunukubeza abafundi ngokocansi

2018-03-29 09:33

Iphoyisa elingumseshi elisolwa ngokunukubeza abafundi ababili e-AB Xuma Primary School e-Orlando, eSoweto, alikaboshwa namanje, kusho iPolice Investigative Unit (IPID) ngoLwesithathu.

Leli phoyisa lalijutshwe ukuba liyophenya ngesigameko sokunukubezwa ngokocansi kwezingane ezingu-87 ngunogada wesikole, kanti kusolakala ukuthi nalo lafike lanukubeza izingane ezimbili zamantombazane ezineminyaka eyisikhombisa nesiyisishiyagalombili ubudala.

“Uphenyo luyaqhubeka, kepha kungenzeka ukuthi kuvele okusha ngoLwesine,” kusho okhulumela i-IPID uMoses Dlamini.

Izinsolo zibekwe umseshi ongaphansi kophiko lweFamily, child protection and sexual offences (FCS), ngomhlaka-13 Mashi.

Abazali bezingane bavulela leli phoyisa icala esiteshini samaphoyisa esise-Orlando.

OLUNYE UDABA: Iphoyisa ezinsolweni zokudlwengula indodakazi

"Sesizithathile izitatimende kubazali, abafundi Kanye nezikhulu zoMnyango wezeMfundo eGauteng,” kusho uDlamini etshela iNews24.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo eGauteng uSteve Mabona unanele ngokuthi uMnyango uyabeseka abazali nabafundi kusukela kwenzeka lesi sigameko.

Uqinisekise ukuthi izikhulu zomkhandlu zabamba umhlangano nabazali bezingane ezaxhumana nalo mseshi ngomhlaka-19 Mashi. Leli phoyisa kuthiwa laxhumana nabafundi abangu-12.

”Ngemuva komhlangano nabazali, azikho ezinye izinsolo ezintsha ezavela. Amacala akhona yilawa amantombazanyana amabili avele aziwayo,” kusho uMabona.

UMnyango unezinhlelo zokuqalisa iLearner Support Plan kubafundi okungenzeka baphazamiseke ezifundweni zabo ngenxa yalezi zinsolo zezigameko zokunukubezwa ngokocansi.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.