Alulamela esibhedlela amadoda amabili ahlaselwa yizinja

2016-07-16 07:38

Bloemfontein – Alulamela esibhedlela amadoda amabili kulandela ukuhlaselwa yizinja zohlobo lwama-pit bull eHeidedal eBloemfontein kuleli sonto.

Ngokusho kwesisulu esisodwa u-Audi Williams, yena nomngani wakhe uGregory Kamver bebehlezi ngasemlilweni botha ngesikhathi bezwa umsindo omkhulu ngoLwesibili ebusuku.

"Saphuthuma siyobheka ukuthi kwenze njani, sathi umka sifika safica izinja ezimbili zihlasela indoda. Le ndoda yayissilele phansi ikhala. Eyodwa yale zinja yayizitika ngengalo yayo  enye isemlenzeni," usho njalo.

OLUNYE UDABA: Isinde kukubi inja igwazwa obexabana nomnikazi wayo

Kuzwakale ukuthi uFabian May wayesendleleni elibangise ekhaya ebuya emsebenzini ngesikhathi ehlaselwa yizinja, kusho uWilliams.

Wathi ngesikhathi bezama ukusindisa uMay izinja zavele zajikela kubona.

"Eyodwa yale zinja yayiyeka le ndoda yagxumela mina enye yahl;asela umngani wami.

"Izinja zasihlasela uKamver wagibela phezu kwemoto walimala emlenzeni. Mina angizange ngingene esibhedlela kodwa ngisasezinhlungwini.

UKamver, 40, noMay, 32, bangeniswa esibhedlela iPelonomi eBloemfontein kulandela isigameko.

UWilliams uthe bacabanga ukuthathela abanikazi bezinja izinyathelo.

U-anti kaMay uthe kwamshaqosa ukuzwa lezi zindaba.

"Le indlela eyodwa ahamba kuyo zonke izinsuku ukuya nokubula emsebenzini kanti uthi akazi izinja zaqhamukaphi. Siyajabula nje ukuthi uyelulama," kusho u-anti.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.