Amabandla anxusa i-ANC ukuba ikhiphe uZuma esikhundleni

2018-01-10 14:00

Johannesburg – Abaholi bamabandla banxusa isigungu esiphezulu se-ANC ukuba simkhiphe esikhundleni uMengameli Jacob Zuma.

Isigungu esiphezulu se-ANC sinomhlangano namhlanje ngoLwesithathu okokuqala selokhu sakhethwa ngenyanga edlule.

Umhlangano ubanjelwe e-East London kanti kulindeleke udonse izinsuku ezimbili.

OLUNYE UDABA: I-DA ifuna iqale ngokushesha uphenyo nge-state capture

ISouth African Council of Churches ithi ukukhishwa kukaZuma esikhundleni kuzobuyisa ukwethenjwa kweqembu elibusayo ngumphakathi.

Ukwesekwa kwe-ANC kulokhu kwehle njalo ngenxa yezinsolo zenkohlakalo eqenjini elibusayo.

NgoLwesibili kuvele imbiko ethi konke sekusezandleni zikaMengameli Zuma ukuba anqume ukuthi uhamba "sekukubi" angatholi ngisho imihlomulo etholwa ngomengameli, noma ahambe "ngesizotha" ngokuthi azehlele yena esikhundleni.

Lo ngumbono wamalungu alinganiselwa kwamane eNational Executive Committee (NEC) ye-ANC ngaphambi komhlangano obalulekile ozobanjelwa e-East London ngoLwesithathu.

Kepha osopolitiki abakhulume neNews24, abazange bavume ukuthi umhlangano wangoLwesithathu kumele kube yindawo yokuketula uZuma uma enqaba ukwehla esikhundleni.

Lokhu kuza ngemuva kwemibiko ethi amanye amalungu e-NEC afaka umoya ubuholi obusha ukuba buketule uZuma ukuze "bahlanze" inhlangano ngaphambi kokhetho lukazwelonke olubalulekile luka-2019.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.