Durban – Usenkingeni umfundisi wase-US owaduma ngokuncoma ukubulawa kwezitabane ekilabhini eseFlorida njengoba izinhlelo zakhe zokuvakashela eGoli zingahambi kahle.
Lokhu kwenziwe osomabhizinisi abangafuni ukuzibandakanya nalo mfundisi uSteven L Anderson webandla i-Faithful Word Baptist Church ePhoenix, Arizona.
Lo mfundisi bekulindeleke ukuba atheleke kuleli ngoSepthemba kumjaho owaziwa nge-soul-winning marathon.
Lo mjaho bekumele uqale ngesidlo sasekuseni eSpur eFestival Mall bese isidlo sasemini siba se-Wimpy kuyo le nxanxathela yezitolo.
Abanikazi balezi zindawo zokudla bathi abafune lutho oluzobahlanganisa nalo mfundisi ngoba ezonda izitabane futhi banalo lonke ilungelo lonqabela inoma ubani ukuba angalibhadi ezitolo zabo.