Amabhungu avele enkantolo ngecala lokubulala

2016-08-16 16:01

Bloemfontein – Amabhungu amabili avele eNkantolo yeMantshi yaseKroonstad  ngezinsolo zokuduna imoto nokubulala umlisa owabagibelisa kuyona, kusho amaphoyisa aseFree State ngoLwesibili.

Umshayeli wemoto yohlobo lweToyota Tazz wagibelisa amabhungu, elineminyaka engu-16 nelinye elineminyaka engu-18 ubudala, ngaphandle kwaseSteynsrus ngomhlaka 29 Juni, kusho uSergeant Ian Gaobepe.

"Ngesikhathi besendleleni, ngaphandle kwaseKroonstad, bamisa umshayeli base ‘bemdubula’ bamshiya khona lapho eceleni komgwaqo.”

Funda nalolu daba: Isimanga owesifazane efika esikhumulweni sezindiza ehamba ngedilozi

Owayezidlulela ngendlela wabona isidumbu sesonakele ngemuva kwezinsukwana.

UGaobepe uthi isibhamu esasetshenziswa ukubulala kungenzeka ukuba ngesikababa womunye walaba bafana.

Abasolwa baboshwe ngoLwesithathu olwedlule, ngesikhathi bezama ukudayisa imoto eNorth West. Owayefuna ukuthenga imoto uyena owabiza amaphoyisa.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.