Amacala amaningi okubulala kuleli akhonjwa eGauteng

2017-10-24 14:04

eGoli - IGauteng yisona sifundazwe esinabantu abaningi kakhulu eNingizimu Afrika kanti futhi yisona sifundazwe esihamba phambili ngamacala okubulala, kubika iThe Citizen.

Imibiko yobugebengu ekhishwe wuMnyango wamaPhoyisa uveza ukuthi angu-4 101 amacala okubulala aqoshwe kulesi sifundazwe ngonyaka wezimali ka-2016/17.

Ebikela ikomidi lamaphoyisa ePhalamende, uMajor-General Norman Sekhukhune, oyiNhloko yocwaningo lobugebengu uthe isibalo samacala okubulala eGauteng sinyuke ngo-6.7%.

OLNUE UDABA:#CrimeStats: Ngeke sizincenge izigebengu - Mbalula

Amaphoyisa aKwaZulu-Natal abe namacala angu-4 014 okubulala (lesi sibalo sinyuke ngo-2.2%), kulandele isifundazwe i-Eastern Cape ngamacala angu-3 628 okubulala (lesi sibalo sehle ngo-0.6%).

Isifundazwe iWestern Cape sihleli endaweni yesine ngamacala okubulala angu-3 311 (lesi sibalo senyuke ngo-2.7%), kulandele iMpumalanga ngamacala okubulala angu-954 (lesi sibali sinyuke ngo-11.1%), kanti eFree state angu-950 amacala okubulala (lesi sibalo sehle ngo-4.3%).
 

Angu-901 amacala okubulala abikwe eNorth West kanti angu-813 abikwe eLimpopo.

INorthern Cape yisona sifundazwe esikhulu kakhulu eNingizimu Afrika kodwa sinabantu abancane kakhulu kanti amacala okubulala abikwe kulesi sifundazwe angu-344 (lesi sibalo sehle ngo-7.5%).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.