Amacala kaZuma adle imali elinganiselwa ku-R24m - Masutha

2018-04-17 19:29

Lowo owabe engumengameli kuleli uJacob Zuma usebenzise imali yabakhokhi bentela elinganiselwa okungenani ku-R24m kwezomthetho ngesikhathi ephethe, kusho uNgqongqshe wezokubuLungiswa uMichael Masutha ephendula umbuzo ePhalamende.

Ngonyaka owedlule ePhalamende, uZuma wenqaba ukuphendula imibuzo mayelana nemali esetshenziswa ekuquleni amacala ayebhekene nawo, watshela iNational Council of Provinces ukuthi lokho "kakusiyo inkinga yakhe".

Umholi weFreedom Front Plus uPieter Groenewald ubuze uMasutha ukuthi ngabe "uMnyango wakhe ikhona imali owayikhokha kusukela ngo-2009 emacaleni kalowo owayengumengameli uJacob Zuma", nokuthi kwaba yimalini.

UMasutha ubale amacala amahlanu, abiza abakhokhi bentela u-R 24 240 201,54.

"Njengoba uZuma enganqobanga nelilodwa icala kulawa, lokho kusho ukuthi kwamoshwa imali yabakhokhi bentela kuzanywa izindlela zokumvikela," kusho uGroenewald esitatimendeni.

OLUNYE UDABA: Kubukeka sizothathwa namhlanje isinqumo ngoMengameli Zuma

Ngokolwazi lukaGroenewald, ecaleni lapho iNational Prosecuting Authority yathola incwadi egunyaza ukuba iseshe amahhovisi akwaThint/Thales, kanjalo nencwadi ebhekiswe ezikhulwini zaseMauritius ukuba ithole imininingwane, yaphikiswa nguZuma nokwabiza u-R15.3m.

"Leli cala layiswa eNkantolo yoMthethosisekelo kanti uZuma wakhala ngaphansi kulo. Yilona kuphela elaphothulwa," esho.

Ecaleni lapho uZuma afaka imibuzo ngamandla oMvikeli woMphakathi ngokuhambisana noMthethosisekelo, ngemuva kokuthi lowo owayenguMvikeli woMphakathi uThuli Madonsela akhipha umbiko ngeNkandla, uZuma wasebenzisa abameli abayisihlanu.

Uthe ecaleni lapho uZuma azama khona ukuvimbela uMadonsela ukuthi adedele umbiko owaba ngumndabamlonyeni weState Capture, elabiza u-R2.5m, uZuma wasebenzisa abameli abathathu.

Udaba oluphelele lapha.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

SQL Reporter

Cape Town
Communicate Cape Town IT
R10 000.00 - R12 000.00 Per Month

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

HSE Manager

Cape Town
Tumaini Consulting
R550 000.00 - R650 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.