Amagatsha e-ANCYL eGoli afuna uRamaphosa kwesokuba umengameli

2017-10-08 13:00

Johannesburg – Amagatsha e-African National Congress Youth League (ANCYL) eGoli asenxuse wonke amalungu enhlangano ukuba akhethe uCyril Ramaphosa kwesokuba ngumengameli olandelayo we-ANC engqungqutheleni ezoba ngoDisemba.

Amagatsha e-ANCYL abebungaza iminyaka engu-73 asungulwa eHillbrow Theatre ngoMgqibelo.

Iphini likamenganemeli lethule inkulumo yalo kulo mcimbi, latshela isixuku ebesibuthene khona ukuthi kumele uphiko lwentsha lukulungele ukuzihola ngolwalo.

Ehholo bekugcwele abantu ebebegqoke izikibha ezeseka uRamaphoyisa besho neziqubulo ezeseka yena.

OLUNYE UDABA: U-Eskom ufuna u-R100m wokuthenga izihlalo - Umbiko

Lowo owayeyilungu lekomidi eliphezulu kwi-ANCYL kuzwelonke, u-Abner Mosaasa, ukholelwa ukuthi uRamaphosa angayisindisa i-ANC.

“Abantu baseNingizimu Afrika bafuna senze into efanele ngoDisemba. Into efanele ukwenza uCyril Ramaphosa umengameli.”

URamaphosa utshele abaholi be-ANCYL ukuba bangaxhaphazi izinsiza zomphakathi.

Uphinde wathi amalungu e-ANCYL kumele acabange kahle ngesinqumo azosithatha okhethweni lwangoDisemba. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.