AmaGupta asola uNgqongqoshe ngokuwakhela itulo

2017-01-20 16:00

Johannesburg – Inkampani yomndeni womacaphumakusale, abakwaGupta, i-Oakbay Investments, isigxeke isicelo sasenkantolo sikaNgqongqoshe wezeziMali, uPravin Gordhan, mayelana nale nkampani, yathi “asinasidingo” futhi sigcwele “amaphutha”.

Ummeli we-Oakbay Investments, uGert van der Merwe, bekulindeleke ukuba afake amaphepha eNkantolo eNkulu yaseNorth Gauteng ngoLwesihlanu ephendula uGordhan mayelana nomkhankaso wakhe wokuthola umyalelo ngokuvalwa kwama-akhawunti ale nkampani amabhange.

OLUNYE UDABA: UJohann Rupert ukhala ngaphansi ku-Atul Gupta ngobucebi – Umbiko

Esitatimendeni esikhishwe yi-Oakbay Investments ngoLwesihlanu, le nkampani ithe isicelo sikaGordhan asinasidingo ngoba ukukho ukuphikisana okukhona. AbakwaGupta baphinde bacela inkantolo ukuba ichithe isicelo sikaGordhan bese imyalela nokuthi akhokhe izindleko zecala.

Lesi sicelo sikaGordhan sasenkantolo simayelana nesinyathelo samabhange amane amakhulu kuleli sokuvala ama-akhawunti asebhange e-Oakbay Investments.

La mabhange athintekayo uFirst National Bank, uNedbank, uStandard Bank kanye no-Absa.

UGordhan ufuna ukuvikelwa yinkantolo ukuze angaphoqwa abakwaGupta ukuthi angenelele odabeni lokuvalwa kwalama-akhawunti amabhange.

Kodwa-ke abakwaGupta bathi lesi sicelo sikangqongqoshe siwukuxhaphaza izinkantolo futhi siyinhloso yokuzuza ngokwezepolitiki.

Bathi futhi bona abakaze bathi uGordan kumele angenelele. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.