OKlebe baphenya ngokuphangwa kwemali eFNB

2017-01-04 11:30

Pretoria – Uphiko lwamaphoyisa oKlebe eGauteng luthi luphezu kophenyo ukuze kubanjwe abasolwa abathinteka ezigamekweni ezimbili zokuphangwa kwemali kwelinye lamabhange amakhulu kuleli, uFirst National Bank (FNB).

Leli bhange selihlaselwe okwesibili esigamekweni sokuphanga imali eParktown, eGoli.

Ngobusuku obandulela unyaka omusha, abasolwa bavule izimbobo ezindaweni ezimbili ophahleni lwendlu kwelinye lamagatsha aleli bhange eliseParktown, nalapho bekhale bemuka nesamba semali engu-R1.7 million kanye namabhokisi angu-30 ezisefo zokufaka imali.

OLUNYE UDABA: Ulandelwe yizigebengu waze wafika ngasekhaya okhiphe uR8 000 ebhange

NgoDisemba, angaphezu kwa-200 amabhokisi athathwa kwelinye igatsha eliseRandburg, eGoli.

Okhulumela oKlebe, uCaptain Ndivuho Mulamu, uthi abekho abantu asebeboshiwe okwamanje.

Uthi kunzima ukudalula olunye ulwazi kuze kube uphenyo seluphothuliwe.

“Silandela yonke imikhondo ukuze sizoqoqa ulwazi oluningi ngendlela esingakhona ngayo ukuze abenzi bobobi bezobhekana nomthetho,” usho kanje.

Nokho kubukeka kuzoba nzima ukuhlonza abasolwa njengoba kubikwa ukuthi bebezifihle ubuso futhi begqoke nama-gloves ezandleni.

Uphiko lo Klebe luthi kungenzeka ukuthi abasolwa abafanayo laba abebegila le mikhuba njengoba besebenzise indlela efanayo yokwenza ubugebengu, nokuwukuvula imbobo ophahleni lwendlu ukuze bafinyelele emalini.

Akekho futhi owaboshwa esigamekweni sokuqala. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.