Amakhondomu azokwenziwa ngokuhambisana nosayizi abahlukene bezinduku

2017-10-23 19:31

New York - Yize amakhondomu abaluleke kakhulu ekuzivikeleni, kukhona okungekuhle ngawo. Abantu besilisa abaningi bahlezi bekhala ngokuthi awabalingani kahle, ayashibilika nokuyinto eyenza inkonzo yasekamelweni ingabi mnandi.

Okubonakale kuyinto edala izinkinga wukuthi amakhondomu enziwe ngosayizi owodwa ovame ukuba mkhulu kakhulu kunezinduku eziningi.

Ucwaningo lwaseMelika olukhishwe ephepheni iNew York Times, luveza ukuthi usayizi ojwayelekile wamakhondomu ngu-17cm.

Inyuvesi yasei-Indiana yenze ucwaningo oluveze ukuthi u-83% wezinduku zingu-14cm.

ENingizimu Afrika, imigomo eyabekwa wuMnyango wezeMpilo wukuthi amakhondomu kumele abe nobude obungu-18cm nokusho ukuthi u-5cm owengeziwe ezindukwini.

Kuthiwa amakhondomu enziwe abamakhulu kakhulu ukuze kuzokweneliseka nalabo abanezinduku ezinkulu.

OLUNYE UDABA: Abafundi bakhe ikhondomu etshengisa isifo socansi

Ukuvela kwezikhalazo eziningi ngokuthi lo sayizi awuhlali kahle emadodeni amaningi sekufakelwe izibuko.

Inkampani yaseMelika isicubungule uhlelo lokuxazulula le nkinga.

IGlobal Protection Corp isinqume ukudayisa amakhondomu enziwe ngosayizi abangu-60 abahlukahlukene kanti aziwa ngokuthi yi-myONE Perfect Fit.

Ngokubika kweNew York Times, ikhasimende uShawn Reimund, 34, waseTexas uthi usesebenzisa la makhondomu ngoba anosayizi ohambisana nenduku yakhe.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.