Johannesburg - UMnyango weMfundo ePhakeme uthole ukuthi iVictory Training College kanye ne-Institute of Health and Social Care Studies eGoli ngamakolishi angekho emthethweni.
“Isibalo samakolishi angekho emthethweni sehlile kulo nyaka,” kusho uMqondisi wePrivate Higher Education Institutions of DHET‚ uDkt Shaheeda Essack.
Uthe uma kuqhathaniswa nonyaka ka-2016‚ abantu banolwazi olungconywanga ngezikhungo ezingekho emthethweni.
IVictory Training College ne-Institute of Health and Social Care Studies kubikwa ukuthi kutholakale ukuthi ngamakolishi angekho emthethweni ngesikhathi uMnyango uqhuba umkhankaso wokuhlola amakolishi ngeledlule ngokusebenzisana neziphathimandla eBraamfontein nasedolobheni iGoli.
OLUNYE UDABA: Ubuyela enkantolo osolwa ngokushaya owesifazane ngenduku yegalofu
Umkhankaso bekuhloswe ngawo ukuthola amakolishi angekho emthethweni.
Ngonyaka odlule angu-11 amakolishi avalwa ngemuva kokutholakala ukuthi awekho emthethweni eGoli.
“Abazali nabafundi bangafonela uMnyango weMfundo ePhakeme ku-0800 872222 ukuthola ukuthi amakolishi asemthethweni yini ukuze bagweme ukuqokela,” usho kanje.
- Timeslive