AmaLunga ePhalamende e-ANC ‘ayizephulamthetho’ angeke axoshwe – Umhlaziyi

2017-08-14 12:35

Johannesburg – “Asilindeleni isixakaxaka, esinye isixakaxaka, kanye nesixakaxaka esikhulu kakhulu kubhekwe kuDisemba,” kusho umhlaziyi wezepolitiki, uPrince Mashele, ngokombiko weHuffPost SA.

Yize noma esevele esethweswe amacala yi-ANC KwaZulu-Natal, iLungu lePhalamende le-ANC elidume ngokuzikhulumela, uMakhosi Khoza, kanye nabanye ababizwa ‘ngamaLungu ePhalemende ayizephulamthetho’ babukeka besendaweni engcono ezinhlakeni zeqembu zokuqondisa izigwegwe futhi angeke baxoshwe, uMashele usho kanjalo ngoMsombuluko.

UMengameli Jacob Zuma ngeSonto unxuse ukuba kusetshenziswe umthethosisekelo we-ANC kumaLungu ePhalamende e-ANC avote esekela ukuba akhishwe njengoMengameli evotini lokungamethembi ngesonto eledlule.

OLUNYE UDABA: ‘AmaLungu ePhalamende e-ANC avotele ukungamethembi uZuma kumele asule’

UZuma uye wafunda ingxenye yomthethosisekelo we-ANC ovimbela amalungu e-ANC ukuthi asebenzisane “nezinhlaka eziphikisana nomzabalazo” noma amaqembu aphikisayo.

“Uma wenza noma ngabe yisiphi kulezi zenzo, kusho ukuthi i-ANC kumele ikuse ekomitini eliqondisa izigwegwe ngoba usuphule umthetho,” usho kanje.

Kodwa-ke uMashele uthi izinhlaka zokuqondisa izigwegwe ze-ANC zingasohlangothini lwalawo maLungu ePhalamende abizwa ‘ngezephulamthetho’, uMashele utshele iHuffPost.

“Kuzoba nzima ukuqondisa abafana noMakhosi Khozi,” uMashele usho kanje.

“Yize noma sekuvele kunohlelo oluqhubekayo lokumqondisa izigwegwe, angeke lufike ndawo ngoba ngokusobala uzodlulisela phambili ehhovisi likazwelonke”.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.