'Amalungu e-ANC ePhalamende ngeke avotele ukugudluza uZuma'

2017-08-08 07:23

Cape Towna – USontshwebhu omkhulu we-African National Congress (ANC) uJackson Mthembu unethemba lokuthi amalungu e-ANC ePhalamende ngeke avotele ukugudluza uMengameli Jacob Zuma.

Amaqembu aphikisayo sekunesikhathi eshela amalungu e-ANC ukuba avote kanye nawo esiphakamisweni sokungethenjwa kobuholi bukaMengameli Zuma namhlanje ngoLwesibili.

NgoMsombuluko, uSomlomo uBaleka Mbete, umangaze abaningi ngesikhathi ememezela ukuthi kuzovotwa ngokuyimfihlo.

Lesi sinqumo singase senze ukuba amanye amalungu e-ANC ePhalamende angeneme ngoMengameli Zuma enze okuphambene nomyalelo weqembu, avotele ukumgudluza.

OLUNYE UDABA: UMasipala weTheku nohlelo lweminyaka engu-10 lokonga amanzi

Kuzobe kungokweshumi nambili amaqembu aphikisayo ezama ukugudluza uZuma njengoMengameli wezwe, kodwa kuzobe kungokokuqala kuvotwa ngokuyimfihlo.

UMthembu uthi inhlangano yakhe ngeke ihambisane namaqembu aphikisayo, ngisho kuvotwa ngokuyimfihlo.

UMthembu uzwakalise ukukhathazeka okukhulu ngezinsolo ze-State Capture kodwa wathi ukugudluza uZuma akusona isixazululo. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.