Amalungu e-ANCYL afuna 'ikhehla' elinguMaine lishenxe

2017-10-14 15:03

Johannesburg - Seziyanda izigameko lapho okubonakala khona i-ANC ilwa izimpi zayo ezinkantolo esikhundleni sokulandela imigudu yangaphakathi.

Esigamekweni sakamuva, amalungu e-ANCYL akhala ngokuthi umengameli wayo uCollen Maine kumele agudluke esikhundleni ngoba mudala ngokweminyaka, kubika i-eNCA.

Laba ababengamalungu alolu phiko eGauteng naseNorth West bafuna uMaine adedele izintambo, njengoba bethi kumele ayodlala nontanga yakhe.

Bathi ukuqhoqhobala kwakhe lesi sikhundla akukho semthethweni ngoba kwasekuqaleni akumele engabe uyilungu lwalolu phiko.

Bazwakalise izikhalazo zabo encwadini yabameli ethunyelelwe ekomkhulu likaKhongolose iLuthuli House, becela kungenelelwe ukuze kuqinisekiswe ukuthi uyalandelwa umthethosisekelo we-ANCYL.

OLUNYE UDABA: I-ANCYL ichaze amazwi othe ‘akuthathwe izikhali kuvikelwe uZuma’

Akukhona okokuqala kuvuka imibuzo ngeminyaka yobudala kaMaine njengoba nangesikhathi engena kulesi sikhundla ngo-2015 kwakukhona abathi ungaphezu kweminyaka engu-35 ubudala.

Kuzokhumbuleka ukuthi ngaleso sikhathi wayesegconwa ngelika"Mr 34.9" kulandela izikhalazo ngeminyaka yakhe.

La malungu aqhuba lo mkhankaso wakamuva, athi uMaine akayedwa ekuphuleni umthethosisekelo walolu phiko njengoba bebaningi abanye abadala ngaphakathi.

Omunye wabahola lo mkhankaso nguThabo Arrafat Molamu – okukholakala ukuthi wake wasondelana kakhulu noMaine.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.