'Amalungu ekomidi elikhuthaza ukuthula yiwona aphehla udlame '

2016-11-30 14:32

eMlazi - Kusolwa abathile ngaphakathi ekomidini lokuthula ngokusiza labo abangahambisani nemizamo yokuthula ngokuhlasela amanye amalungu aleli komidi.

Leli komidi eligqugquzela ukuthula ehostela laseGlebelands lakhiwe ngamalungu amaqembu abhekene ngeziqu zamehlo kule ndawo.

Ukungakhululeki nokungathembani kuleli komidi kwabonakala ngesikhathi kubulawa elinye lamalungu uNkosinathi Shezi ekuqaleni kwenyanga kaNovemba.

UShezi wabulawa ebuya eNkantolo kaMantshi yaseMlazi ngemuva kokusatshiswa ngokubulawa.

OLUNYE UDABA:Ikomidi likushayele ihlombe ukwenziwa kophenyo ngokushona kweziguli

Selokhu kwabulawa uShezi, amalungu aleli komidi athi awakhululekile njengoba nawo asaba ukuthi azohlaselwa.

Ngokusho komthombo weSolezwe ohlala kulo leli hhostela, amanye amalungu aleli komidi awasahlali eGlebelands ngoba asabela impilo yawo.

"Abanye abasahlali lapha ehostela ngoba bayasaba. Babone kungenziwa lutho ngemuva kokubulawa kukaNathi yize kwakubikiwe ukuthi kukhona ababesabisa ngokumbulala."

Omunye oyilungu laleli komidi uthi lwabikwa udaba lwalabo abasondelene nalabo abangahambisani nokuthula kule ndawo.

"Lokhu kwabikwa nakuMnyango wezokuPhepha nokuVikeleka komphakathi ngamalungu angathembekile. Laba bafike balalele okukhulunywa kuleli komidi bese bezidlulisela kulabo abangakufuni ukuthula," kusho leli lungu nalo elingafunanga igama lalo lidalulwe.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.