‘AmaLungu ePhalamende e-ANC avotele ukungamethembi uZuma kumele asule’

2017-08-14 09:32

Parys  – AmaLungu ePhalamende e-ANC avote ephikisana noMengameli Jacob Zuma kumele azisulele ngokwawo, uSihlalo waleli qembu eFree State, u-Ace Magashule, usho kanjalo ngoLwesihlanu.

UMagashule, nobekhuluma embuthanweni wezingqalabutho ze-ANC eParys, uthi kuyawenza umqondo ukuthi lamaLungu ePhalamende azisulele ngokwawo.

“Kuyawenza umqondo, uma ngabe iqembu likunikeze umkhombandlela othize bese uthatha enye indlela, ulindeleni? Ufuna sikuxoshe. Kungani ungavele uzisulele ngokwakho?”

OLUNYE UDABA: BUKA: UZuma uzifikele ngokwakhe ePhalamende ngaphambi kwevoti ‘lokumketula’

UZuma wasinda esiphakamisweni sokungamethembi, okwavotwa ngaso ngevoti eliyimfihlo ngoLwesibili.

AmaLungu ePhalamende angu-198 avotela ukuphikisana nalesi siphakamiso esasenziwe yiDemocratic Alliance (DA) sokugudluza uZuma, kanti aba ngu-177 amaLungu ePhalamende avotela ukuthi uZuma ahambe.

Alinganiselwa ku-30 amaLungu ePhalamende e-ANC avotela ukuthi uZuma agudluzwe.

Bekudingeka amavoti angu-201 ukuze kugudluzwe uZuma njengoMengameli. UMagashule uthi amaLungu ePhalamende angahloniphanga imiyalelo yeqembu manje asephoqa i-ANC ukuthi iwaxoshe.

Uphinde wasola amanye amalungu esigungu esiphezulu se-ANC ngokusebenzisana ne-EFF kanye ne-DA. Uthi unobufakazi balokhu futhi uzobudalula esikhathini esizayo. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.