Amalungu ePhalamende kumele avote ngokweqiniso ePhalamende - Mbeki

2017-08-08 12:34

Johannesburg – Lowo owayenguMengameli uThabo Mbeki uthi wethemba ukuthi amalungu ePhalamende azovota ngokweqiniso esiphakamisweni sokungethenjwa kobuholi bukaMengameli Jacob Zuma.

UMbeki – oyingqapheli ye-AU okhethweni lwaseKenya ngoLwesibili – uthe amaLungu ePhalamende kumele akhumbule izigameko zakamuva uma esevota.

“USomlomo wePhalamende uthe amaLungu ePhalamende avumelekile ukuvota ngokuyimfihlo uma sekuvotwa namhlanje ntambama,” kusho uMbeki etshela izintatheli eKenya.

OLUNYE UDABA: I-ANC eKZN ayinavalo ngesiphakamiso ngoZuma - Zikalala

UMbeki uthe isizathu sokuba uSomlomo wePhalamende akhethe ukuthi kuvotwe ngokuyimfihlo sinikeza amaLungu ePhalamende ithuba lokuvota ngokweqiniso ngaphandle kokwesabela ukuthi uhulumeni we-ANC uzobajezisa uma bevotela ukugudluza uZuma esiphakamisweni.

“Ngicabanga ukuthi amaLungu ePhalamende kumele akhumbule ukuthi amele abantu, ngakho indlela azovota ngayo namhlanje ntambama kumele ikukhombise lokho.” 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.