'Amanzi ashisayo anomthelela ekuweni kwenduku!'

2017-05-29 19:31

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

Durban - ‘Webhoko lwami lokuvika…ubhoko lwami lokuvika’…ngakhumbula ingoma esiyishaya kwelakithi uma sesithwele izihlangu zethu sithunga imihosha sigudla izinkalo siya emdlalweni silandela ukukhala kwecilongo.

Oh-hhe, ngoba asiyilutho ngaphandle kwenduku. Kuliqiniso elingephikiswe ukuthi indoda nendoda iyindoda ngenduku.

Bengihleli nengqwele endala, uKhwashube, odabuka emaMpondweni engidodisa ngezinto eziningi ezidunga isizwe ngale kwalabo-khari neziminciza esizidlayo.

Kubalulekile kakhulu ukuqaphela izinto eziwisa induku esinendlela yokuzigwema kungakafiki esigabeni sokusebenzisa izikhuthazi nezimbiza ngoba nazo azifani futhi zithakwa ngezindlela ezahlukene.

Uthi uKhwashube kubalulekile ukuthi uma uyibhungu ungagezi ngamanzi ashisayo. Uthi ukugeza ngamanzi ashisayo kwenza umzimba uxege ngoba uma uzwa ukufudumala uyaqaqeka ukhululeke.

Ngiqale ngazitshela ukuthi uyahhema uKhwashube ngase ngithi pheqe-pheqe emabhukwini nasemlandweni nje emhlabeni jikelele ngezimbangela zenduku esheshe ishalaze ube wena usafuna ukugiya uqephuze.

OLUNYE UDABA: INGOSI: Nasemkopitweni kunemithetho yakhona

Induku njengoba ingenathambo yakhiwe yimisipha nezicubu.

Ukuyijwayeza amanzi abandayo kwenza ikhuthale isikhathi eside ngoba igazi lisebenza ngokwemvelo ukuyifudumeza ebese iqina isikhathi eside. Kanti uma ukufudumala kuqhamuka ngaphandle kwenza ivilaphe ukuzisukumela ngokwayo ebese igcina isivuswa ngezikhuthazi.

Ulwazi engilutholayo lufakazelana noKhwashube kanye nezinto ezazenziwa yizinsizwa eziningi ngenkathi ngisakhula.

Kwakungeve kumnandi. Izinsizwa zazivuka ekuseni kusempondo zankomo ziyobophela mekulinywa kuyothi mezibuya inhlazane ebese zehla ziye emfuleni ziyogeza.

Nezintombi uqobo zazigeza emfuleni…hhayi indaba yenkomo efakwa amanzi ashisayo igcine isiwebezela nje…okwenduku-ke yihlazo!

Ake nihlukane namanzi ashisayo mabhungu nani zintombi. 

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.