Amaphoyisa abhuntshise izinhlelo zokubanjwa inkunzi kwemoto yemali

2018-03-16 18:01

Johannesburg - Amaphoyisa ngoLwesihlanu abophe abasolwa abangu-6 ngemuva kokubuntsha kwezinhlelo zabo zokubamba imoto yemali eLydenburg, eMpumalanga.

Okhulumela amaphoyisa uColonel Mtsholi Bhembe uthe amadoda abehlomile abehlele ukubamba iveni lemali khona endaweni.

"Amaphoyisa abe esehlala phezu komsebenzi abasolwa babe sebeba nezinsolo zokuthi bayabonwa basale sebeyeka ukubamba inkunzi imoto yemali babaleka endaweni yesigameko, beshiya ngemuva izimoto zabo, eyohlobo lweMercedes Benz neyohlobo lwe-VW Polo," kusho uBhembe.

OLUNYE UDABA:Kubulawe unogada kubanjwa inkunzi imoto yemali

"La madoda azamile ukubelake ngonyawo kodwa amaphoyisa abafica. Kutholakale ukuthi imoto yohlobo lweMercedes Benz yebiwa kwaMhala eduzane naseAcornhoek kanti i-VW Polo yona ngeyomunye wabasolwa."

Amaphoyisa ashaqe izibhamu ezine emadodeni aneminyaka ephakathi kwengu-31 nengu-39 ubudala.

La madoda abhekene necala lokweba imoto, ukwakha itulo lokubamba lobugebengu nokutholakala nezibhamu nezinhlamvu ezingekho emthethweni.

"Amaphoyisa aphenya ukuthi ngabe la madoda ayabandakanyeka yini kwezinye izigameko zokubanjwa inkunzi kwamaveni emali esifundazweni nakwezinye. Wonke la madoda azovela eNkantolo teMantshi yaseLydenburg," kusho Ubhembe.


 - African News Agency/ANA

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.