Amaphoyisa abulale umfana kubhikishwa – Umbiko

2016-08-17 10:01

Freetown – Kubulawe umfana wesikole nomuntu odayisa emgwaqeni ngesikhathi amaphoyisa edubula embhikishweni wentsha eSierra Leone.

Kuthiwa intsha igcwale imigwaqo idinwa ukususwa kwekolishi lokuqeqeshela umsebenzi.

Amaphoyisa eKabala athi le ntsha ithungele imizi yabantu ngomlilo, emibili yasha yaba ngumlotha, ekubeni ithe izobhikisha ngokuthula.

Abashonile babulawe yizinhlamvu ezidutshulwe amaphoyisa ebhekise esixukwini ebesibhikisha.

OLUNYE UDABA: Kudubuleke ingane embhikishweni

Izisulu zidubuleke ekhanda nasemhlane, ngokusho kwabazibonele.

Kuthiwa baningi abanye abadubulekile kulo mbhikisho, kepha abazange bashone.

UMohamed Marrah, ongumholi weKoinadugu District Youth Council, uthe bebebhikisha ngokuthula ngoba bekhala ngokususwa kwekolishi ekuthiwa lisiza umphakathi ontulayo emakhaya.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.