Amaphoyisa abulale umfana obehlasela abantu ngembazo

2016-07-19 08:38

Berlin – Amaphoyisa aseGerman adubule abulala umfana wase-Afghanistan oneminyaka engu-17 ubudala ngoMsombuluko ngemuva kokuhlasela abagibeli esitimeleni ngembazo nangommese, kwalimala kabi abane.

Baningi abantu abathole ukulimala kulesi sehlakalo esenzeke esitimeleni ngasedolobhani laseWuerzburg, kusho amaphoyisa, aphinde athi leli bhungu libulawe selizama ukubaleka.

Funda nalolu daba: Kulimale inqwaba umfana ehlasela abagibeli ngembazo

UJoachim Herrmann, ongungqongqoshe wezangaphakathi eBavaria, uthe umsolwa wafika ehamba yedwa eGerman kanti waqale wahlala lapho kubhaciswe khona abokufika, ngokuhamba kwesikhathi wayohlaliswa nomndeni othile e-Ochsenfurt.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.