Amaphoyisa acacisa ngabafana abashone ngemuva kokudla ama-chips abawacoshile

2017-11-13 16:01

Limpopo – Amaphoyisa aseLimpopo ngoMsombuluko adalule ukuthi babili kuphela abafana abashone ngemuva kwezinsolo zokudla ama-chips abawacoshe emgwaqeni eSekgakgapeng ku-EXT 19, eduzane naseMokopane, ngoMgqibelo.

Ngaphambilini kunabezindaba abebebike ukuthi kushone abafana abathathu.

ULieutenant-Colonel Moatshe Ngoepe uthe kuqinisekiswe ngoMsombuluko ekuseni ukuthi ingane yesithathu, obekubikwe ngeSonto ukuthi ishonile, isaphila.

OLUNYE UDABA:'Ubulale' isoka ngoshevu owaliwe

Kuqinisekiswe ukuthi uTshepo Tlou, usaphila futhi usasesibhedlela, kusho uNgoepe.

"Kuqinisekiswe ukuthi kushone izingane ezimbili kanti ezintathu zona zisasesibhedlela lapho ezilashwa khona. Izingane ezishonile nguMemeza Elisa Mulaudzi, 10, noPaballo Selota, 7," esho.

"Imbangela yokudlula kwalezi zingane emhlabeni ayikaziwa, kodwa uphenyo lwamaphoyisa luzobandakanya ukuhlolwa kwezidumbu," kusho uNgoepe.

Kukholakala ukuthi izingane ezinhlanu zidle okuthile ngaphambi kokuba ziqale zikhale ngezinhlungu, zaze zaphuthunyiswa esibhedlela, esho.

"Izingane ezimbili zishone zifika esibhedlela kanti lezi ezinye ezintathu zona ezineminyake ephakathi kwengu-9 nengu-11 ubudala zisasesibhedlela, ziyelashwa."

UMnyango wezeMpilo esifundazweni usola ushevu ewubize nge-organophosphate, wathi uphenyo luyaqhubeka.

UMnyango ucele abazali ukuba baqinisekise ukuthi izingane zabo azikudli ukudla ezikucoshe emgwaqeni.

"UMnyango uthanda ukudlulisa amazwi enduduzi emndenini elahlekelwe uphinde ufisele abafana abasasesibhedllea ukululama okusheshayo."


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.