Amaphoyisa acela ukufuniswa izigebengu ezidlwengule unogada

2016-07-16 12:58

Welkom – Amaphoyisa aseWelkom eFree State acele usizo konolwazi ukuze ezokwazi ukubopha izigebengu ezine ezihlomile futhi ezingabadlwenguli ngemuva kokuba kubanjwe inkunzi onogada ababili bekhonjwe ngesibhamu omunye wabo wadlwengulwa kuleli sonto, kusho amaphoyisa.

Iphoyisa uCaptain Stephen Thakeng uthe labo nogada bobabili, owesilisa nowesifazane bebesebenza eMatjhabeng Machenical Workshop ngesikhathi behlaselwa ngamadoda ayezifihle ubuso ehlome ngezibhamu ekuseni ngoMsombuluko.

OLUNYE UDABA: Uboshiwe ochamele abagibeli ebhanoyini

"Kuzwakale ukuthi babalalisa phansi bebakhombe ngezibhamu, lo wesilisa wamiswa kwelinye icala. Amadoda amathathu abe esedlwengula lo wesifazane eshintshana," usho njalo.

La madoda abaleka namaselula amabili, ubhakha we-Nike, ijakhethi emnyama, amacharger amaselula, okhiye, no-ova.

Onolwazi oluzoholela ukuthi kuboshwe lezi zigilamkhuba uyacelwa ukuba athinte uDetective Warrant Officer Seepamora Thipe ku-083 707 2530.  

 - ANA

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.