Amaphoyisa acela ukufuniswa osolwa ngelokudlwengula

2016-07-06 17:01

Durban - Amaphoyisa aseJacobs, ngaphandle kweTheku, angaphansi kophiko lweBrighton Beach Family Violence, Child Protection and Sexual Offences Unit asecele usizo lomphakathi.

Acela ukufuniswa owesilisa okusolakala ukuthi uyathinteka esigamekweni sokudlwengula esenzeka ngomhlaka-29 Ephreli kulo nyaka, kubika iSouthlands Sun.

Owesifazane, 29, wadlwengulwa owesilisa owayemthembise ukumfaka emsebenzini.

Isisulu sithi lo wesilisa wasithembisa ukusitholela umsebenzi kwenye yezinkampani, kwathi besahamba emgwaqeni, le ndoda yamdudulela esikhotheni yase imdlwengula imkhombe ngommese.

OLUNYE UDABA: Amaphoyisa acela usizo ngowaduka ethi uyobona intombi

Kwabe sekuvulwa icala lokudlwengula eWentworth.

Umsolwa kukholakala ukuthi useminyakeni eko-60 ubudala, ukahle ngomzimba, akamude kakhulu kanti unesigebhu.

Ongaba nolwazi uyacelwa ukuba ashayele uConstable Samantha Fynn ku-031 203 7334 noma ku-082 930 8615, noma ashayele iCrime Stop ku-08600-10111.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.