Durban -Amaphoyisa acela usizo lomphakathi ngomsolwa obandakanyeka kwinqwaba yobugebengu, kubika iLadysmith Gazzette.
UThulani Mazibuko uphunyuke emaphoyiseni ngomhlaka 1 kuNtulikazi ehanjiswa ngeveni esuka esiteshini samaphoyisa eBergville belibangise eMnambithi lapho bekayovela khona enkantolo.
UMazibuko kuthiwa unobungozi futhi uhlomile, ubhekene namacala okuphanga ehlomile, ukudlwengula, ukuthumba, ukutholakala nezibhamu kanye neziqhumane ezingekho emthethweni kanye nokweba.
OLUNYE UDABA:Uhluleke ukucacisela inkantolo ukuthi umufi wazibulala kanjani
kuthiwa mude futhi wondlekile, unezinwele ezinde kanye nentshebe, kanti wayegqoke ijazi elimdaka nebhulukwe elimnyama ngesikhathi eqa.
Onolwazi angashayela uConstable SA Khumalo ku-036 448 9452 noma ku 082 441 6503.
