Amaphoyisa acela usizo kulandela ukubulawa kwesitshudeni sasoNgoye

2016-11-25 06:48

Johannesburg - Amaphoyisa aKwaZulu-Natal acela usizo lomphakathi ukuze kuzoboshwa amadoda amathathu adubula abulala isitshudeni sase-University of Zululand ngesikhathi 'kubanjwa inkunzi' eVulindlela, okuyilokishi elingasenyuvesi KwaDlangezwe.

Ngenyanga edlule kwadusthulwa kwabulawa isitshudeni esineminyaka engu-25 ubudala ebesenza iBachelor of Commerce, uFrank Chirwa.

OLUNYE UDABA: Umehlokaboni ka-R100 000 ngokubulawa komfundi wasoNgoye

ULieutenant Colonel Thulani Zwane uthe onolwazi ngemininingwane engase iholele ekutheni kuboshwe abasolwa uyacelwa ukuba athintane namaphoyisa aseMthunzini.

"Abaseshi baseMthunzini banxusa amalungu omphakathi anolwazi ngesigameko ukuba alekelele ekuxazululeni icala lokubulala," kusho uZwane.

Umbiko weLANGA waveza ukuthi wakhuluma nomngani kaFrank owayekhona ngesikhathi kufika ababuli.

"Kwakuntambama sihleli endlini yakhe sivule umnyango uFrank efunda njengoba ayezovuka ayobhala ngakusasa.

"Wayesesalelwe yizifundo ezimbili nje kuphela aqede ukubhala, sizothutha sibuyele eThekwini uma sesiqedile.

'Kwangene abasolwa abathathu sihleli embhedeni wakhe, bangakhuluma lutho basikhomba ngesibhamu bathi masilale ngesisu embhedeni sibheke phansi. Badubula uFrank inhlamvu yokuqala bamphinda ngeyesibili eselele phezu kwami.

"Umphefumulo wakhe waphumela kimina."

 - ANA

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter     


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.