Amaphoyisa acela usizo ngokweqa kuka'Spiderman' ejele

2016-12-09 11:30

Johannesburg – Akusekudala amaphoyisa asibambe isiboshwa eseqe ejele eKgosi Mampuru Correctional Services, uHenry Edema Timaya Onoh, odume kakhulu ngelikaSpiderman, kusho amaphoyisa.

Okhulumela amaphoyisa uColonel Lungelo Dlamini uthe u-Onoh, weqe ngomhlaka-3 Disemba kanti uyisiboshwa esiyingozi.

U-Onoh ulahlwe ngamacala abucayi okubalwa kuwo elokudlwengula, ukuphanga, ukugqekeza nokweba.

OLUNYE UDABA: Kweqe isiboshwa ngenxa yobudedengu bojele ePitoli

Lesi siboshwa esidabuka eNigeria seqe sekusele izinsukwana sigwetshwe eNkantolo yeMantshi yasePitoli.

"Amaphoyisa anxusa ukuba onolwazi ngalesi siboshwa ashayele iCrime Stop ku-08600 10111," kusho uDlamini.

"Kusolwa ukuthi lesi siboshwa esidabuka eNigeria kungenzeka ukuthi sibalekele kwezinye izifundazwe. Siyabandakanyeka kwezinye izigameko zobugebengu eMpumalanga naKwaZulu-Natal."

Onolwazi angaxhumana noDetective Warrant Officer Louis Hoffman wasesiteshini samaphoyiosa aseMoot ku-083 650 0820 noma yinini.

Onemininingwane engaholela ekutheni u-Onoh aboshwe angase aklonyeliswe.

 - ANA

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.