Amaphoyisa acele osolwa ngokubulala ukuba afike esiteshini

2017-08-31 14:05

Limpopo - Intombi ka-Ophney Mokgokong u-Itumeleng Beetha, 24, watholakala ebulewe futhi eshiswe engasabonakali kahle ekhaya kubo eGaMaraba, ngaphandle kwasePolokwane, emasontweni amathathu adlule.

Iphephandaba iSunday World lithole ukuthi amaphoyisa azi kahle ukuthi umsolwa uhlala kuphi.

Esikhundleni sokuba aye kuyena eyomubopha, amaphoyisa amshayela ucingo uMokgokong ukuba afike esiteshini sakwaMashashane.

Okhulumela amaphoyisa uMoatshe Ngoepe ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa acele umsolwa ukuba afike esiteshini.

“Umsolwa uhlala endaweni eyaziwa ngokuthi yi-My Darling eSenwabarwana wabaleka endaweni yesigameko ehamba ngemoto yohlobo lweNissan Tiida.

OLUNYE UDABA:Sekuboshwe umsolwa wesibili kwesaseGlebelands

"Imbangela yokubulawa kukamufi ayaziwa kahle kodwa kusolakala udlame lwasekhaya,” kusho uMoatshe.

UMokgokong, 27, ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa amtshelile ukuthi uyena umsolwa omkhulu.

“Ngathola ucingo oluvela kwelinye lamaphoyisa lingitshela ukuthi angifike esiteshini bezongipheka ngemibuzo ngokushona kwentombi yami.

“Ngalitshela ukuthi ngiyasebenza ngizofika esiteshini ngoMgqibelo. Langitshela ukuthi ngingumsolwa omkhulu kuleli cala,” kusho yena.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.