Amaphoyisa achitha imibiko yokuthunjwa kwezingane ePitoli

2017-06-13 14:00

Pretoria - Okhulumela amaphoyisa uCaptain uStephen Maluleka uyichithile imibiko yokuthunjwa kwezingane kwesinye sezitolo ezidayisa impahla yokugqoka enxanxatheleni yezitolo, iWonderpark, ePitoli.

Lokhu kuza ngemuva kokuba kusabalale inkulumo eqoshiwe enkundleni zokuxhumana iWhatsApp eMabopane, kuzwakala owesifazane etshela abantu ukuthi sekuthunjwe inqwaba yezingane esitolo sakwaMr Price ngoMsombuluko.

Udaba lokuthunjwa kwezingane eMabopane, eHebron naseSoshanguve beluzungeza ezinkundleni zokuxhumana isikhathi esingaphezu kwesonto. Kodwa amaphoyisa athi azikho izigameko ezifana nalezi ezibikiwe.

OLUNYE UDABA:Kuthunjwe ingane umama eyobhala izivivinyo

Ngesonto eledlule, udaba lwamadoda ahamba ngetekisi yohlobo lweToyota Quantum eMabopane okusolwa ukuthi athumba izingane enkulisa beluzungeza nalo ezinkundleni zokuxhumana.

Yize kunjalo, amaphoyisa akhiphe isitatimedne echitha izinsolo zokuthunjwa kwezingane endaweni.

"Sifisa ukucacisa ukuthi awekho amacala okuthunjwa kwezingane ezikoleni avuliwe noma aphenywayo eziteshini zamaphoyisa ezilandelayo ezingaphansi kweTshwane North Cluster; e-Akasia, eDube, eGa-Rankuwe, eHammanskraal, eLoato, eMabopane, ePretoria North, eRietgat, eSoshanguve naseTemba," kufundeka isitatimende.

Amaphoyisa acela amalungu omphakathi nezingane zesikole ukuba aqaphele futhi azibhekisise izindawo akuzo ngaso sonke isikhathi.

Isikhulumi samaphoyisa aseNorth Cluster sichaze le nkulumo eqoshiwe njengezindaba ezingamampunge saphinde sakhuthaza abantu ukuba bangazisabalalisi.

Amaphoyisa axwayise abantu ukuthi bangazisabalalisi izinkulumo eziqoshiwe njengoba zidala itwetwe ngokungenasidingo.

 - SABC

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.