Amaphoyisa achitha imibiko yokwebiwa kwezingane KwaMashu

2017-05-30 09:37

Durban - Amaphoyisa aKwaZulu-Natal achithe ubusuku bonke ezama ukusindisa izitolo zabokufika ngasehostela laKwaMashu, nakwezinye izindawo ezakhelene naleli lokishi.

Lokhu kungemuva kokuba izakhamuzi ‘zihlasele’ izitolo zabokufika, zazitapela impahla.

Kuthiwa isigameko sisuswe yimibiko yokwebiwa kwezingane zesikole ezikoleni zaKwaMashu namaphethelo.

Nakuba kunjalo, amaphoyisa aKwaZulu-Natal ayichithile  le mibiko, athi ayinasisekelo.

Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal uThulani Zwane, uthi: "Asihambisani nemibhikisho enodlame eqhubeka KwaMashu namaphethelo. Sizwile kuthiwa kunabantu abavale imigwaqo ngamathayi evuthayo nangamatshe. Siphinde sezwa nangezikhalazo ngemoto yabantu abathumba abanye abantu endaweni, ikakhulukazi izingane.”

OLUNYE UDABA: Sitholwe namanxeba okudutshulwa isidumbu sikamama nengane

UZwane uthi bona njengamaphoyisa awukho umndeni osuke wababikela ngokuthunjwa kwezihlobo zayo futhi awakaze wona amaphoyisa athole nesisodwa isidumbu somuntu obulawe kade ethunjiwe.

UZwane ube esenxusa imiphakathi ukuba ingazisabalalisi lezi zindaba zokuthunjwa kwabantu ngoba zingamanga, kunalokho kumele abantu baqale baxhumane namaphoyisa kuqala, bathole imininingwane.

Khonamanjalo, kunemibiko ethi owokufika udubule izakhamuzi eNtuzuma ngesikhathi sombhikisho.

UZwane uthi basazokwenza uphenyo ngalolu daba ngoba abezwanga ukuthi kukhona abantu ababilime.

- SABC

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.