Johannesburg – Kulimale abantu abathathu abasolwa ngokweba imoto
ngesikhathi bedubulana namaphoyisa ku-N14 ngaseLanseria ekuseni ngoLwesine,
kusho amaphoyisa aseGauteng.
UCaptain Kay
Makhubela uthi amaphoyisa abelinde ku-N14 Petroport, phakathi kuka-R511 no-512,
imoto eyebiwe ebibheke ePitoli esuka eMpumalanga.
Ngesikhathi
bezama ukuyivimba, abasolwa bazame ukubaleka kwezwakala sekuqhuma isibhamu, kwabe
sekudutshulwa abasolwa abathathu balimala.
Funda nalolu daba: I-SACP ifuna kuphele isonto engasekho uMotsoeneng eSABC
Okhulumela i-Emer-G-Med uMax Cohen uthe omunye wabasolwa ulimale
kabi ngemuva kokudubuleka esifubeni. Omunye umsolwa wesibili udubuleke
emlenzeni.
Umsolwa wesithathu uthole umhuzuko, kanti akudingekanga ukuba
ayiswe esibhedlela.
UMakhubela uthi amaphoyisa athole izibhamu ezimbili ezingekho
emthethweni, yilambu elikuhlaza, kanye nemoto eyebiwe.
Kuvulwe
icala lokuzama ukubulala,
ukutholakala nemoto eyebiwe kanye nezibhamu
ezimbili ezingekho
ethethweni.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela
IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).