Amaphoyisa adubule, abulala abasolwa abahlanu ePinetown

2018-02-19 19:19

Durban - Kudutshulwe abasolwa abahlanu bashona ngesikhathi begagazisana ngenhlamvu namaphoyisa ePinetown, ngaphandle kweTheku, ngoMsombuluko ekuseni.

Ngokusho kwemithombo eyehlukene, amaphoyisa ajahe la basolwa ngemoto ePinetown, kwaphetha ngokuthi abasolwa baphunyukwe yimoto abebehamba ngayo yase iyagingqika emgwaqeni uFields Hill, kubika i-IOL.

Amaphoyisa abe eseyabafica abasolwa, kepha baqala bavulela ngenhlamvu bebhekise ngakuwo - nawo abuyisa izinduku.

Kulesi sigameko kusinde umsolwa oyedwa wabe esephuthunyiswa esibhedlela.

OLUNYE UDABA: Amaphoyisa adubule abulala 10 wabasolwa eKZN

Ngokombiko weHighway Mail, okhulumela amaphoyisa asePinetown uCaptain Mazwi Mbatha uthe amaphoyisa ophiko lwe-K9 yiwo abone imoto ebihamba izigebengu, okuyiMercedes Benz, abe eseyayijaha.

“Kuthe uma abasolwa bebona amaphoyisa, baqala badubula bebhekise ngakuwo nawo amaphoyisa aziphindiselela. Kushone abasolwa abahlanu kwathi oyedwa walimala," kusho uMbatha.

Kule moto abebehamba ngayo kutholakala impahla eyebiwe; okubalwa kuyo omabonakude, ikhamera kanye nokunye okwebiwe emzini oseKloof.

Kubikwa ukuthi likhuphuke kakhulu izinga lobugebengu, ikakhulukazi ukugqekezwa kwemizi entshonalanga yeTheku, kulezi zinyanga ezimbalwa ezedlule.

Ukubanjwa kwala basolwa kulandela okwangesonto eledlule lapho amaphoyisa ebophe khona abasolwa abangu-8 eWestville.


Buka i-video ngezansi:

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.