Amaphoyisa afuna usizo ngowesifazane owaphoswa esuka kwesesi-8 ebhilidini

2016-07-06 07:57

Johannesburg - Amaphoyisa aseGoli anxusa noma ngubani onolwazi ngesigameko sowesifazane okukholakala ukuthi waphoswa esuka esitezi esiphezulu ebhilidini maphakathi nedolobha laseGoli wayoshayeka phansi emgwaqeni.

Esitatimendeni sangoLwesibili amaphoyisa athe uBelinda Maseko utholwe emgwaqeni ngabantu abebedlula ngendlela edolobheni laseGoli.

Kukholakala ukuthi uphoswe esitezi esiphezulu ebhilidini iRemantis.

OLUNYE UDABA: Amaphoyisa acela usizo ngowaduka ethi uyobona intombi

UWarrant Officer Xoli Mbele uthe lo wesifazane watholwa ngomhlaka-14 Juni.

"Bathole isisulu esihlonzwe ngabosizo lokluqala njengoshonile. Kusolwa ukuthi saphoswa esitezi sesi-8 kuleli bhilidi.

"Imbangela yesigameko sokubulala ayikaziwa," kusho uMbele.

Kukholakala ukuthi uMaseko wayesedolobheni ngaleso sikhathi eyogibela itekisi ngemuva kokushayisa emsebenzini eKempton Park.

Amaphoyisa ayacela usizo konolwazi ngesigameko ashayele ucingo uConstable Hlaselo Moloantoa ku-078 681 2997

“Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.