Amaphoyisa akhiphe isexwayiso njengoba kusondela isizini yezitokfela

2017-10-28 15:07

Durban - Amaphoyisa aKwaZulu-Natal asekhiphe isitatimende exwayisa umphakathi ukuba ukugweme ukuphatha izizumbulu zemali njengoba sekusondele isizini yezitokfela kanjalo namaholidi.

"Abantu bayanxuswa ukuba basebenzise izindlela ezingenabo ubungozi kakhulu, njengokuthi baphathe imali encane eyanele izidingo abayozenza noma basebenzise i-internet ne-cellphone banking uma bethumelelana imali," kuqhuba isitatimende.

Amaphoyisa akhiphe lesi sexwayiso kulandela izigameko lapho abantu bephucwa khona imali abanye babulawe.

Abe esekhipha la mathiphu ambalwa alandelayo ukuba abantu bagweme ukuba yizisulu zobugebengu:

·       Guqula izinsuku nezikhathi odiphozitha ngazo imali

·       Gwema ukwenza amadiphozithi ngemali engukheshi

·       Ungamemezeli uma uya ebhange, ungatsheli ngisho labo osondelene nabo

·       Ungayikhiphi uyibeke obala imali ozoyifaka ebhange usalinde ukusizwa

·       Gwema ukuphatha izikhwama zemali, ipotimende noma i-deposit receipt book obala

·       Zama ukuthola elinye ibhange eliseduze ongalisebenzisa, onganciki kwelilodwa

·       Gwema ukuya ebhange ngemoto enemibhalo yomsebenzi noma yenkampani yakho ngezinsuku 'zokuhola'


Amaphoyisa aphinde anxusa amalungu ezitokfela ukuba abe mehlomane uma ephethe imali eningi njengoba izigameko zokuphucwa kwabantu bezitokfela imali zidlangile ngalesi sikhathi sonyaka lapho kusuke sekuhlukaniswa.

"Ngaphezu kwalokho, amalungu angenza izinhlelo nebhange ukuthi izimali zawo zifakwe kuma-akhawunti awo ngqo."


 

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/Africa
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.