Amaphoyisa aKwaDukuza acela ukufuniswa osolwa ngokubulala owesifazane

2017-08-30 18:00

Durban - Abaseshi endaweni yaKwaDukuza, ogwini olusenyakatho yeKwaZulu-Natal, bacela usizo lokufuniswa indoda esolwa ngecala lokubulala. 

Kusolakala ukuthi ngomhlaka-1 Agasti 2014, uNomzamo Mnyandu, 28, wangeniswa esibhedlea ngemuva kokuba eshaywe kanzima wumsolwa.

Walimala kanzima ekhandla nasemzimbeni ngomhlaka-3 Agasti 2014, washonela esibhedlela. 

OLUNYE UDABA:IZITHOMBE: Amaphoyisa acela usizo lomphakathi ngalaba basolwa

Kwavulwa icala lokubulala esiteshini samaphoyisa KwaDukuza.

Abaseshi bathungatha uBongani Baba Gumede. Akaziwa ukuthi ukuphi kodwa kwake kwavela imibiko ethi useDiepkloof, eSoweto, eGauteng.

Isikhishiwe incwadi egunyaza ukuboshwa kwakhe, kusho isitatimende samaphoyisa.

Kucelwa amalungu omphakathi angase abenolwazi ngokuthi ukuphi umsolwa axhumane nomseshi uSergeant Nkosikhona Mavundla ku-032 551 8200 noma ku-073 855 6833 noma ashayele uLieutenant Colonel Nokuphila Ntuli kwethi-079 696 3612.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.