Amaphoyisa alunywe indlebe, kwatholakala umthunzi wezinkukhu emgqonyeni

2017-10-25 16:00

Cape Town - Amaphoyisa kamasipala athole umthunzi wezinkukhu wemali elinganiselwe ku-R25 000 obufihlwe emgqonyeni eKhayelitsha, eKapa.

Amaphoyisa athole le nsangu kulandela ukuncinzwa indlebe ngamalungu omphakathi ase-Town 2, eHarare, namuhla (ngoLwesithathu).

OLUNYE UDABA:Kutholwe indathane yensangu enkulisa eKapa

Amaphoyisa athole amaphasela ensangu angu-115 anesisindo esingu-20kg.

Lesi isigameko ngesesithathu sokutholakala kwensangu ezinyangeni ezintathu ezedlule eKhayelitsha, ngosizo lwezakhamuzi.

Okhulumela amaphoyisa uZelda Martini uthe: "Ngomhlaka-12 Agasti amaphoyisa ancinzwa indlebe kwaholela ekutheni kuboshwe umsolwa, 19, ngokutholakala nensangu.

"Emasontweni amabili edlule, amaphoyisa aphinde ancinzwa indlebe, athole insangu yemali elinganiselwe ku-R30 000 ngentengo yasemgwaqeni."

Kwesinye isigameko ngenyanga eyedlule kuboshwe abantu ababili abatholwe nensangu yemali elinganiselwe ku-R75 000 ngentengo yasemgwaqeni, eStilfontein, eduzane naseKlerksdorp, eNorth West.

Okhulumela amaphoyisa, uSergeant Kelebogile Moleko, ngaleso sikhathi wathi amaphoyisa ancinzwe indlebe mayelana nephasela elisolisayo ebelizolandwa enkampanini ethile ediliva impahla.

Amaphoyisa aphuthuma endaweni yesigameko afika alinda ngaphandle kwebhilidi lale nkampani, bathi uma sebephuma abasolwa zabakhalela.

 


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.