'Amaphoyisa angebele i-plasma TV'

2016-08-15 19:04

Johannesburg - UTsakani Nyoni,52, uthi amaphoyisa amasipala amebele i-plasma TV yakhe ngesikhathi yena kanye nabanye abantu abalinganiselwa kwabangu-100 besuswa lapho bebegxumeke khona imijondolo yabo ngaseMidway Railway Station eSoweto.

Izakhamuzi zithi azisuswanga kule ndawo ngoba zihleli khona ngokungemthetho kodwa yingoba zingekho izindlu zangasese, ugesi kanye nemanzi.

Umholi womphakathi uCollen Khosa uthi: “Amaphoyisa afike asiyalela ukuba sisuke kodwa sawakhombisa amaphepha afakazela ukuthi sisezinhlelweni zokuthenga umhlaba kumnikazi wawo. Amaphoyisa abesesitshela ukuthi le ndawo ayifanele ukuhlala abantu.”

Funda nalolu daba: Isihlalele ovalweni ingane ebulawelwe umndeni

Kucishe kwabanjwana ngezihluthu ngesikhathi izakhamuzi zinqaba ukusuka kule ndawo. Kodwa, kubizwe inqwaba yamaphoyisa kwabhidlizwa imijondolo yabantu.

UTsakani uthi ngesikhathi besuswa, kunyamalale umabonakude wakhe kanti kholelwa ukuthi uthathwe amaphoyisa.

Okhulumela amaphoyisa kumasipala waseGoli uChief Superintendent Wayne Minnaar uzichithile izinsolo zokuthi izakhamuzi bezihleli kulo mhlaba ngokusemthethweni.

Uthe uTsakani angavakashela emahhovisi abo eDube ukuze ezosizakala.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.