Amaphoyisa ngeke abemanqikanqika ukuzivikela uma ehlaselwa

2018-03-02 07:31

Durban - Isikhulu samaphoyisa KwaZulu-Natal sesikhiphe isixwayiso ukuthi amaphoyisa angeke aze angabaze "ukuzivikela" uma ehlaselwa.

"Amaphoyisa ahlezi ehlaselwa uma ebhekana ngqo ngeziqu zamehlo nabasolwa abahlomile kanti lokho akwamukelekile.

"Amaphoyisa azozivikela uma eqondana nabasolwa abahlomile. Kusobala ukuthi lezi zigebengu azinazwelo futhi zidubula noma ngubani ozivimbva endleleni yazo," kusho uMajor General Bheki Langa ngoLwesine.

ULanga ubekhuluma ngemuva kwesigameko sohlaselwe kwamaphoyisa esidlule nemiphefumulo emibili yabasolwa nesakhamuzi, kulandela ukuqhunyiswa kwe-ATM enxanxathela yezitolo eMadadeni ngoLwesithathu ebusuku.

OLUNYE UDABA:Kushone abathathu kugetshengwa i-ATM eMadadeni

Ngokusho kwalowo okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Thulani Zwane, amaphoyisa aphuthume endaweni yesigameko okuqhume kuso i-ATM.

"Kube sekudubulana abasolwa namaphoyisa. Ngesikhathi kudutshulwana, kusolwa ukuthi kudubuleke kwalimala nabantu abathathu abebekhona ngesikhathi sesigameko, la bantu baphuthunyiswe esibhedlela beyolashwa kodwa ngeshwa kwamenela oyedwa."

Uthe abasolwa bangene emotweni babaleka bebheke ku-Utrecht Road.

Amaphoyisa abalandela aze ajoyinwa ngamanye amaphoyisa akwezinye izindawo ezakhelene nalapho okwenzeke isigameko, eqhuba.

"Kusolwa ukuthi, ngesikhathi amaphoyisa ezama ukumisa imoto yabasolwa ngaku-Utrecht Rood, abasolwa badubule amaphoyisa. Akekho olimalile kodwa abasolwa bakwazile ukubalke bebheke endaweni yaKwaMdakane eduzane naseDannhauser."

Endaweni yaKwaMdakane, amaphoyisa azungeza umuzi lapho obekucashe khona abasolwa.

"Amaphoyisa ahlaselwa ngesikhathi amaphoyisa efika kulo muzi. Abasolwa kusolwa ukuthi badubula amaophoyisa, ngesikhathi kuqhuma inganono, kushone abasolwa ababili," kusho uZwane.

Uthe kutholwe izibhamu ezintathu endaweni yeisgameko.

Kuvulwe amacala okuphanga kuhlonyiwe, ukubulala, ukuzama ukubulala, ukutholakala nesibhamu  kanye nezinhlamvu esingekho emthethweni ukuze kuzophenywa.

"Njengamanje kuthungathwa abasolwa abakwazile ukubaleka ngesikhathi kudutshulwana," usho njalo.




Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.