Amaphoyisa anikezwa amathuluzi okuzivikela - Cele

2018-02-28 11:00

Johannesburg - UNgqongqoshe wamaPhoyisa uBheki Cele uthi maduzane kuzoqiniswa ezokuphepha esiteshini samaphoyisa eNgcobo esifundazweni i-Eastern Cape, ukuqinisekisa ukuthi amaphoyisa awahlaselwa kalula yizigebengu.

Ekhuluma ngoLwesibili enkonzweni yesikhumbuzo samaphoyisa amahlanu abulawa kanye noyedwa owayeyishosha, uCele uthe ukubulawa kwamaphoyisa ngesihluku ngeke kwabekezelelwa, wathi bazokwenza isiqinisekiso sokuthi isiteshi samaphoyisa sisesimeni esifanele.

UCele uthe: “Ukhomishana kazwelonke kanye nami sizofika lapha sizobheka izinto ezifana nesimo sesiteshi samaphoyisa, i-IT esiteshini sawo, kanye namakhamera, nakho konke okunye ukuze amaphoyisa aphephe.”

OLUNYE UDABA: Uma singcwaba amaphoyisa, izingane zawo zizodsala nobani - Cele

Unxuse amaphoyisa ukuba asebenzise izibhamu uma kuphela kunesidingo sokuzivikela wona kanye namalungu omphakathi ezigebengwini, wathi akumele abulawe ephethe izibhamu amaphoyisa.

“Amaphoyisa siwanikeza amathuluzi okuzivikela, asiwakhuthazi kodwa ukuba abe ngondlavini. Amaphoyisa asiwaqeqesheli ukuba azobulawa kodwa ukuba asize umphakathi,” kusho uCele.

Khonamanjalo, imibiko yangoLwesithathu ekuseni ithi sekuphinde kwaboshwa omunye umsolwa ngecala lokubulala eNgcobo.

- SABC

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.