Amaphoyisa aphenya elokubulawa kukasomabhizinisi eGoli

2017-09-01 14:01

Johannesburg - Amaphoyisa aseqinisekise uphenyo kulandela isigameko sokubulala ngemuva kokudutshulwa kwasomabhizinisi eSandton ngoLwesine ebusuku.

Isikhulu esiphezulu senkampani iBasis Points Capital, uVusi Mhlanzi, udutshulwe yizinkabi, kusho imithombo, kodwa amaphoyisa athe imbangela yesigameko ayikaziwa.

Isigameko senzeke ngemuva kwezithuba zabo-18:30 ekhoneni likaGrayston noKatherine Street.

OLUNYE UDABA:Kudutshulwe kwabulwa usomabhizinisi ngemuva kokukhipha imali ebhange

UMhlanzi ubehamba ngemoto yohlobo lweMercedes Benz esuka ehhovisi lakhe eliseSandton eya kwakhe eSandown Estate ngesikhathi ehlaselwa ngoshayasibhamu ababili.

Kukholakala ukuthi labo shayasibhamu bavulele ngenhlamvu bebhekise kuye.

Lo somabhizinisi ube esenyathela kakhulu imoto yayoshayisa amarobhothi yabe isigqamuka ilangabi. 

UMhlanzi ushonele endaweni yesigameko. Oshayasibhamu babaleke bebheke ngase-Alexandra.

Imithombo ithi uMhlanzi ushiye amadodana amathathu emhlabeni; eyodwa eneminyaka engu-7 ubudala namabili aneminyaka engu-5 ubudala angamawele.

Iqhuba ngokuthi ubesongelwa ngokufa.

 - EWN

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.