Amaphoyisa aphenya esokudubula e-E Cape

2016-07-22 08:30

Mthatha - Amaphoyisa aphenya isigameko sokudubula eMthatha e-Eastern Cape okuzwakale ukuthi oshayasibhamu abangaziwa babulala abantu abathathu balimaza abangaphezu kwabayishumi.

Izisulu zazizihambela emgwaqeni eduzane nenxanxathela yezitolo maphakathi nedolobha ngesikghathi kwenzeka isigameko.

OLUNYE UDABA: Kuphenywa esokudubula esikoleni esisePhoenix

Ezinye zazo ezathola ukulimala zaphuthunyiswa esibhedlela iNelson Mandela Academic. Kukholakala ukuthi lesi sigameko sokudubula sihlobene nesomatekisi.

Itekisi eyayithwele amadoda ayehlomile avele avulela ngenganono ebhekise kubantu ababehamba ngezinyawo enxanxathela yezitolo iCircus Triangle kuR61.

Abantu bagijima bebheke ezansi bezama ukucasha njengoba abahlaseli babeqhubeka. Amaphoyisa athi abantu ababalelwa kwabangu-15 abalimala.

Okhulumela amaphoyisa uMzukisi Fatyela uthe le impi yosomatekisi ephakathi kwenhlangano iMthatha Taxi Associationa ne-Uncedo Taxi Association, kubika i-SABC.



NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.