Amaphoyisa aphenya icala lokubulala kutholakala isidumbu esishile

2017-10-18 07:00

Johannesburg – Amaphoyisa aseGauteng aphenya ngecala lokudunwa kwemoto kanye nokubulala ngemuva kokutholakala kwesidumbu sowesilisa.

Lesi sidumbu okukholakala ukuthi ngesomfundisi okwabikwa ukuthi ulahlekile sitholakale eduze kwemoto yakhe eshile eMagaliesburg ngoMsombuluko.

Izihlobo zikamfundisi uMartin Beneke, ongumholi webandla iLife in Christ Network, azifunanga ukuphawula ngalolu daba.

Yize kunjalo abeNews24 baxhumane noKay Makhubela okulumela amaphoyisa kulesi sifundazwe oqinisekise ukuthi amaphoyisa akholwa wukuthi lesi sidumbu ngesikaBeneke.

OLUNYE UDABA:Ubulale intombi wafonela umndeni ukuba ulande isidumbu

"Kwabikwa ukuthi ulahlekile ngemuva kokuthi engabuyanga ekhaya ngoMsombuluko ebusuku,"kusho uMakhubela.

Kuthiwa lesi sidumbu sitholwe wumlimi obehamba kule ndlela ewubhuqu obone imoto yohlobo lweNissan Navarro emhlophe isha.

"Izandla zikamufi beziboshelwe ngemuva kanti umzimba wakhe ushe kakhulu," kuqhubeka yena.

Akukaboshwa muntu okwamanje.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.