Amaphoyisa aphika eyokubulala amalungu omndeni eKZN

2017-10-09 14:00

Durban - Amaphoyisa ayaziphika izinsolo zomndeni okuthiwa amalungu awo amathathu abulawe ngamaphoyisa eLoskop e-Escourt KwaZulu-Natal ngoLwesihlanu ebusuku.

Amaphoyisa athi avakashela lomndeni enza umsebenzi ojwayelekile esebenzisana neTactical Response Team kanye neNational Intervention Unit.

Okhulumela amaphoyisa uNqobile Gwala uthi umufi oyedwa ubefuneka ngecala lokuzama ukubulala.

“Babesendlini endaweni yaseNgonyameni, ngesikhathi amaphoyisa engena endlini adutshulwa ngabasolwa. Ngaleyo ndlela, abasolwa abathathu bashona ngemuva kokuba namaphoyisa ephindisele ngenhlamvu ebhekise kubasolwa.

OLUNYE UDABA: Sekubulawe omunye futhi umndeni eKZN

“Kwatholakala izibhamu ezine ezingekho ethethweni endaweni yesigameko. Izibhamu nezinhlamvu kanye ne-bullet proof kwashaqwa ngamaphoyisa kubasolwa,” kusho uGwasla.

Khonamanjalo, izihlobo zithi amaphoyisa abaqondile vele. Ngokusho komndeni, amaphoyisa agasela endlini efuna izibhamu ezingekho emthethweni kanye nezinhlamvu. Kuthiwa abe esedubula, kanti nabo bazophindisela bezivikela.

Ilungu lomndeni uThandiwe Kubheka lithi amaphoyisa abaqondile ngoba nakhu besembonini yamatekisi.

-SABC

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.