Amaphoyisa aphume umkhankaso wokuthungatha ababulale iphoyisa

2018-04-11 19:32

EKapa - UConstable Ncedo Katoyi, 39, kanye nophathina wakhe babizelwa ndawana thize kunenkinga ekhona ngoMsombuluko.

Baphuthuma kuleyo ndawo emgwaqeni uDada, eKhayelitsha, Cape Town, baphuma emotweni beyohlola isimo.

Sebebuyela emotweni babona sebelindwe yimigulukudu eyisithupha eyayihlomile.

Le migulukudu yavulela ngenhlamvu ibhekise kubo, nokuyilapho adubuleka futhi washonela khona uKatoyi.

OLUNYE UDABA:Amaphoyisa e-KZN adubula abulala 2 weziboshwa ezeqe ejele laseGoli

Amaphoyisa aseKapa asephume umkhakaso wokuthungatha laba basolwa kanti uNgqongqoshe wezokuphepha nokuvikeleka komphakathi uDan Plato usekhiphe umehlokaboni kaR100 000.

UPlato ukugxeke kakhulu okwenzekile ngokuthi: "Lesi sigameko sokuthi abasolwa abayisithupha bavimbezele lawa maphoyisa asamukelekile neze futhi sibonisa ukuhlaselwa kombuso."

Ngesikhathi abeDaily Sun befika endaweni yesigameko ngoLwesibili, osomabhizinisi abadayisela kule ndawo bebesathuke kakhulu ngalokhu okwenzekile.

Umthombo okulendawo uthi ezinsukwini ezandulela lesi sigameko, amaphoyisa abamba umsolwa owayehlome nge-AK47.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.